Ngakho-ke i-brand name yigama noma inhlanganisela yamagama . Isilogeni wumusho omfishane noma isenthense kanye nelogo eyisithombe esithize esehlukile kwezinye noma uphawu. Kukhombisa ubunjalo obehlukile nobuqondana naleyo nkampani kwezezimakethe kanti futhi kusebenza kwimikhiqizo kanye nezinkonzo.
Uma uphawu lobunikazi sekubhalisiwe , akekho omunye umuntu ongasebenzisa lolu phawu lobunikazi, noma olunye olufana nalo. Uma lokhu, kwenzeka, kungathathwa izinyathelo zomthetho. Kuke kwaba namacala adumile ezinkantolo zeNingizimu Afrika, afana nalapho inkampani yakwa-MacDonalds e-USA ike yamangalela inkampani yaseNingizimu Afrika eyayisebenzisa uphawu olufana nolwabo lwe-"M".
Thola ifomu le-TM1 ebese uligcwalisa ngamathathu. Amakhophi amabili azosetshenziswa yihhovisi kanti elesithathu kumele uzigcinele lona njengobufakazi besicelo sakho.
Khokhela imali yobhaliso ngaphambili, noma lapho ufakele isicelo.
Bhala phansi izimpahla noma izinkonzo ofuna ukusebenzisa uphawu lobunikazi kuzo, ku-field 57 wefomu le-TM1.
Cophelela kakhulu ukuze ungafakeli izimpahla noma amasevisi zakwamanye amaklasi kuphawu lobunikazi olulodwa kwisicelo. Uma wenza lokho, uzokwelulekwa ukuthi uchibiyele incazelo uukbandakanya lezo zimpahla kuphela noma lawo masevisi kuphela achazwe kuleyo klasi kuphela. Kokunye, kuzomele ufakele isicelo esiseceleni kabusha.
Uma isicelo sakho sesihambisane nazo zonke izidingo zokosiko, uzonikezwa usuku isicelo sakho esibekelwe lona kanye nenombolo. Konke ukuxhumana nehhovisi kuzoba nenombolo yaleso sicelo. Ngisho noma kuthatha izinyanga ezingu-18 ukubhalisa ubunikazi bophawu, ungaqala ukulusebenzisa maduzane nje lapho usuthole khona inombolo yomenzi wesicelo.
Uma ubunikazi bophawu lwakho lwamukelwa ngaphandle kwemibandlela, ungakhangisa ngalo kwi-Patent Journal, ekhishwa nyanga zonke ngabaPrinti bakaHulumeni.
Abantu emiphakathini banikezwa izinyanga ezintathu zokuthi baphikisane nesicelo.
Ungashayela isikhungo sezokuxhumana ne-dti kunombolo ethi:.
Khokha ebhangi ngokusebenzisa ikhodi yekhastama.
Kungathatha iminyaka emibili ukuze ubhaliso yobunikazi bophawu kuphethwe ngabo.
